Local newsNews

Omama abazithwele bafundiswe ngokunakekela abantwana

Uma usumtholile umtwana wakho kumele umujwayeze ukukhuluma naye ngamazwi angafani (different expressions), ukuze ingane ifunde izindlela ezahlukeni zokubonisa imizwa yayo.

Sibone izinhlangano eziningi zigubha iviki lokuvikela abantwana, eliqala minyaka yonke ngo May 28 kuya ku June 5.
Kulonyaka isihloko sithi Asivikele bonke abantwana ukuze siqhubekele phambile e-South Africa. Isibhedlela esikhulu sase ndaweni yaseDundee Provincial Hospital ibungaze leliviki ngezindlela ezihlukene, njengokuvakashela omama abazithwele ewadini labakhulelwe.

Kuchazwele abesifazane abazithwele kabanzi ngezigaba ezihlukile zokunakekela umntwana omncane. uDokotela u-Lucy Ntuli, oyi Oral Hygienist, esibhedlela ufundise omama ngokunakekela abantwana besanga phakathi kubona esibeletweni. Uphinde wagcizelela ukuthi kuyenzeka umama wontwana aphume igazi ezinsinini uma ekhulelwe, uma kwenzeka lokhu kumele ahlanze amazinyo akhe, axhubhe kabili ngelanga njengenjwayelo.

“Kumele wonke umuntu aze azohlanza amazinyo kabili onyakeni, kumahhala futhi ngokwenza lokhu siyakwazi ukuthi sisheshe sibone uma kunamazinyo adinga ukugcwaliswa”, kuchaza uLucy.

Uphinde wagcizelela kakhulu ukuthi uma umntwana esezelwe kumele omama baqale ukunakekela amazinyo omntwana kuqala mhla wamila amazinyo. Nokho, uma umntwana encela ibele kanye nebhodlela lokudla kumele uthathe indwangu ehlanzekile uyimanzise emanzini afudumele, uyihambise ngaphakathi emlonyeni wengane. Uyihlanze uphinde uyihambise ezinsinini uma iqeda ukudla”, kuchaza uDr Lucy.

Mother’s at Dundee Hosipital maternity ward listening in on taking care of their unborn children.

uDr Lutfiyya Lakhi, oyi-Speech Therapist uphawule wathi:”Ingane iqala ukuzwa izwi lamama wayo isangaphakathi esibeletweni, izalwa isikwazi ukuhlukanisa imisindo ehlukahlukene. Kumele njengomama ukhulume nengane yakho isangaphakathi kuwe. Uma usumtholile umtwana wakho kumele umujwayeze ukukhuluma naye ngamazwi angafani (different expressions), ukuze ingane ifunde izindlela ezahlukeni zokubonisa imizwa yayo.”

uDr Lakhi uphinde wachaza nge miqondo emihlanu ehlukile (five senses), waphinde wachaza ukubaluleka ngokukhulumisa ingane ngolimu lwasendlini ukuze kubelula uma isikhulile isifunda ezinye izilimu.

Obemele uMnyango WaseKhaya uThandeka, uchazela abazali ngokubaluleka kokhubhalisele isitifiketi sokuzalwa sengane ukuze ikwazi ukubhalisela ukufunda kanye nokunye okuningi, njengesibonelelo sabantwana uma abazali behlwempu.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button