LettersOpinion

Liyahlukunyezwa iSekela le Meya eMzinyathi

Mhleli Singamalunga e -NFP eMzinyathi sindlulisa ukukhathazeka kwethu ngento embi esiyibona eMkhandlwini wase Mzinaythi lapho sibambisene khona neqembu lika Khongolose. Okusiphatha kabi kwasula uMeya ubaba uJames Mthethwa esikhundleni sakhe kodwa into eyenzekayo iSekela leMeya uMama uMandonsela oyilunga le-NFP akanikwa amandla obuMeya ngokusemthethweni njengoba kungena Meya kulomkhandlu. Sicela ukubuza ku Somlomo wase Mzinyathi ukuthi. kanti yini …

Mhleli
Singamalunga e -NFP eMzinyathi sindlulisa ukukhathazeka kwethu ngento embi esiyibona eMkhandlwini wase Mzinaythi lapho sibambisene khona neqembu lika Khongolose. Okusiphatha kabi kwasula uMeya ubaba uJames Mthethwa esikhundleni sakhe kodwa into eyenzekayo iSekela leMeya uMama uMandonsela oyilunga le-NFP akanikwa amandla obuMeya ngokusemthethweni njengoba kungena Meya kulomkhandlu.
Sicela ukubuza ku Somlomo wase Mzinyathi ukuthi. kanti yini umsebenzi weSekela le Meya.
Uma kunemicimbi eMzinyathi, iSekela le Meya njengo Meya okhona akinikwa ukuba aphathe imcimbi.Sicela umkhandlu uyeke ukungena ezindabeni zeqembu le-NFP ngoba lokho kuzowufaka enkingeni. USomlomo wase Mzinyathi akahambise izinto ngendlela efanele.
Thina sazi ukuthi uMeya ngu Mama uNaniwe Madonsela, kumele ngabe kade wakhethwa uMeya. Baba Somlomo kumele wenze okufanele. Wake wawubona umkhandlu kuze kube manje awuna Meya izinto zimile. Somlomo Mnuz Chambule uhlulekile ukuphatha umkhandlu ngendlela.
Okhathazekile
Xolani ilunga le- NFP.

At Caxton, every story is written by humans. We use AI only to perform quality checks - never to generate the news. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button