
Mhleli
Amahlazo alandela izimeya ezimnyama zaseNdumeni. Ingabe zashunqiselwa nganyamaza neni lena eyenza zidungeke imiqondo kanjena.
Umkhokha wangena ngemeya emnyama yokuqala la kuseyi Dundee TLC eyahamba nekhumbi yoMkhandlu, yafike yayilahla eThekwini.
Udaba lwayo lwanyathelwa kuzekube yinamuhla. Amahlazo okuwisa izimoto nokuhamba izinkantolo kwasekuba insakavukela umchilo wesidwaba. Baphi abefundisi nomama bomthandazo kekwenzele lomkhandlu isiguqo nomthandazo?
Ziphi izanyanga ezikwazi ukukhipha imikhokha zizosiza loMkhandlu?
Zimbili kuphela izimeya ezawuphatha kahle uMkhandlu ngu Mnz Mabilisa no Mnz Mfeka kuphela.
Ngu Dumezweni
At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!



