MM005172

NEWCASTLE MUNICIPALITY NOTICE NO:CS22/2026 UKHETHO LWAMAKOMITI EZIGCEME (2026
•2031): UKUBHALISWA KWEZINHLANGANO. Ngalokhu kwaziswa ukuthi, ngokuhambisana noMthetho wezakhiwo zomasipala wohulumeni basekhaya ka-1998 (uMthetho No. 117 ka-1998), uma ufundwa kanye noMthetho Wezinhlelo zomasipala wohulumeni basekhaya ka-2000 (uMthetho No. 32 ka-2000), kanye nenqubomgomo yoMkhandlu kaMasipala Wendawo wase Nyukhasela ephathelene nokwakhiwa kanye nokusebenza kwamakomiti ezigceme (2024), uMasipala wase Nyukhasela (KZN252) ufisa ukukwazisa ngenhloso yawo yokuqalisa uhlelo lokwakha uhlu lwemininingwane (database) yayo yonke imikhakha yezenhlalo neyamabhizinisi engaphansi kwegunya lalo masipala. Inhloso enkulu yaloluhlu lwemininingwane wukuthi lusetshenziswe ngesikhathi sokhetho lwamakomiti ezigceme ngo-2026. Ngokwesigaba 7(c) senqubomgomo ka Masipala wendawo wase Nyukhasela ephathelene nokwakhiwa kanye nokusebenza kwamakomiti ezigceme, *`ukhetho lwamakomiti ezigceme luzokwenziwa ngokususelwa kwimikhakha yonke ekhona
•Ngakho-ke, uMasipala wendawo wase Nyukhasela umema bonke ababambiqhaza abanentshisekelo nabathintekayo` kusukela kubalimi, kubakhokhi bentela kanye nezinhlangano zamabhizinisi, izinhlangano zomphakathi (CBOs, NGOs, NPOs), kanye nezinhlangano zabantu abaphila nokukhubazeka, intsha, abesifazane, abesilisa kanye nezinhlangano zenkolo`ukuba babhalise imininingwane yabo ukuze babe ngamalungu e- Database yezinhlangano zemikhakha kaMasipala wendawo wase Nyukhasela. Amafomu okufaka izicelo angatholakala e-Newcastle Local Municipality Civic Centre (Tower Block), ku-37 Murchison Street, esitezi sesikhombisa (7th Floor), ehhovisi u-B718 kusukela ngoLwesihlanu, umhla zi-07 ku-Mandulo (September) 2026. Amafomu agcwalisiwe kumele ahambisane no Mthethosisekelo wenhlangano kanye namaminithi emihlangano eyabanjwa kungakapheli izinyanga eziyisithupha (6). Le mibhalo kumele ilethwe mathupha ehhovisi elibalulwe ngenhla. Usuku l okugcina lokwamukelwa kwamafomu agcwalisiwe ulwesihlanu, mhla zi-9 kuMfumfu (October) 2026 ngehora lesibili ntambama (14:00). Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, thintana noMphathi wo Mnyango wokubandakanyeka komphakathi (Public Participation Unit Manager), uMnuz. N. Kubeka, ku-034 328 7743 noma ku-079 326 3365 ngesikhathi sokusebenza (07:30
•16:00). Mr. Z.W Mcineka Newcastle Local Municipality Private Bag X 6621 Newcastle 2940

Reference Number: MM005172

View All Classifieds View Legal Notices Entries

Back to top button