SR015645
KING CETSHWAYO DISTRICT MUNICIPALITY ISAZISO SOMPHAKATHI ISIMEMO SOKUPHAWULA
•IMITHETHO ELAWULAYO YAMANZI NENDLE YOMKHANDLU WESIFUNDA SASE KING CETSHWAYO Kwaziswa umphakathi ukuthi uMkhandlu Wesifunda Sase King Cetshwayo, ngokwesigaba 156 soMthethosisekelo waseNingizimu Afrika ka-1996 (uMthetho 108 ka-1996), ufundwa kanye neSigaba 11 soMthetho Wezinhlelo Zomasipala ka-2000 (uMthetho 32 ka-2000), uhlose ukwamukela imithetho ebuyekeziwe ephathelene namanzi kanye nendle. Le mithetho ebuyekeziwe yagunyazwa nguMkhandlu Wesifunda Sase King Cetshwayo mhla zingama-25 kuNhlolanja 2022 (KCDM 114/2022). Wonke amalungu omphakathi kanye nabathintekayo bayamenywa ukuba bathumele imibono, iziphakamiso noma ukuphawula okubhaliwe mayelana nale mithetho kungakapheli izinsuku ezingamashumi amathathu (30) kusukela ngosuku lokushicilelwa kwalesi saziso. Amakhophi alemithetho ayatholakala ukuze ahlolwe kulezi zindawo ezilandelayo ngezikhathi zomsebenzi: 1. Amahhovisi oMkhandlu Wesifunda Sase King Cetshwayo
•Richards Bay 2. Amahhovisi kaMasipala wase uMfolozi
•KwaMbonambi 3. Amahhovisi kaMasipala wase uMlalazi
•Eshowe 4. Amahhovisi kaMasipala wase uMthonjaneni
•Melmoth 5. Amahhovisi kaMasipala wase Nkandla
•Nkandla Imithetho iyatholakala futhi kuwebhusayithi kamasipala: www.kingcetshwayo.gov.za https://www.kingcetshwayo.gov.za/index.php/documents/p oliciesbylaws/ 225-municipal-bylaws Yonke imibuzo noma ukuphawula okubhaliwe kungathunyelwa ku: Mnu. Zenzele Ndlovu Ucingo: 035 799 2511 I-imeyili: ndlovuze@kingcetshwayo.gov.za or Registry@kingcetshwayo.gov.za MNU P. SIBIYA IMenenja kaMasipala UMkhandlu Wesifunda Sase King Cetshwayo
Reference Number: SR015645