Local newsMunicipalNews

Ingabe ‘isisemome’ eyokunxephezela abaqashi kweyezitende?

. Umphakathi waseSithembile wasuswa emizini yawo emahendeni nakwenzinye izindawo nguhulumeni wobandlululo wazobekwa kulendawo yaseSithembile ngeminyaka yawo 1965.

Kuphume nesinedolo ukuzo thamela umhlangano wezitende ehholo lase Sithembile lapho aboMnyango wezokuThuthukiswa koMhlaba kanye nokushintshwa komhlaba bebevakashele lendawo ngoLwesithathu lomhlaka 17 June. Udumele umphakathi lapho uzwa ukuthi lomhlangano akuwona owokuzobanikezela ngamavoucher kodwa basazosayiniswa amaSettlement agreements.
Kodwa ubathobe izinhliziyo ukuzwa ukuthi akusekude ukuba bakhokhelwe imali yabo yesinxephezelo somhlaba. Umphakathi waseSithembile ubulindele ngabomvu ukuzothola amavoucher kepha ngumnyango ubungazile ngalokho ubuzoqhuba lolu uhlelo lokusayinda olwenziwa ngumnyango ngaphambi kokuba ukhokhele umuntu isinxephezelo. Umphakathi waseSithembile wasuswa emizini yawo emahendeni nakwenzinye izindawo nguhulumeni wobandlululo wazobekwa kulendawo yaseSithembile ngeminyaka yawo 1965.
Lowo ongu Menenja esifundeni saseMzinyathi osebenza kulomnyango, uNelly Magubane, uthe ingu 522 imizi yalabo ababengabaqashi ezokhokhelwa, umuzi ngamunye uzothola imali engu R96 362.
Akugcizelelile ukuthi labo abazothola ngababili noma ngaphezulu, isinxephezelo sabo siyofika kubanikazi sebehlukaniselwe ngokufanele ukuvimbela izinxabano ezinokwenzeka makukhokhwa lezimali. Ebuzwa ngesinxephezelo salabo ababengabanikazi bemihlaba (omasitende), uthe nabo basazobizwa ukuzosayinda awabo amasettlement agreements, okwamanje basasebenza udaba lwalabo ababengabaqashi.

 

claim2 (Medium)
Ungcome umphakathi waseSithembile ngokungamuhluphi kuze kwaphela unyaka ka 2014 ungazange umuhluphe ngaloludaba selokhu ebegcine ukuza eSithembile ngonyaka ka 2013.
Uthi lokhu okwenziwe umphakathi kwenze umsebenzi wakhe wabalula njengoba konke abekwenza ubekwenza ngesineke futhi ekwenza engajahiwe engacindezelwe nathe kuba nomthelela onokuthanda ukuba mubi esikhathini esiningi kulowo osuke esebenza udaba.
Uthe isicelo sakhe uNgqongqoshe u-Gugile Nkwinti wasivuma kanti waphinde wavuma nokuba kuqhutshekwe nokukhokhwa izimali kubanikazi ngesikhathi ithimba eliqhubeka nophenyo lwalabo ‘abathatha ngozwane’ ngesikhathi kukhokhwa ekuqaleni lusaqhubeka nophenyo.
Uthi okwenza futhi nokuthi kuthathe isikhathi esingangonyaka ukuba abantu bangakhokhelwa ukuthi imali yokuba khokhela ibingekho. Uphinde wabonga umkhandlu waseNdumeni kanye noKhansela uLungile Mbhele ngokubambisana kwabo ekwenzeni lomsebenzi uyephambili.

At Caxton, every story is written by humans. We use AI only to perform quality checks - never to generate the news. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Terry Worley

Terry Worley has been associated with the Courier for many years and is involved in the community covering a variety of issues affecting residents. He has a passion for local politics and for the history of the area.

Related Articles

Check Also
Close
Back to top button