MunicipalNews

Isimo ‘simanzonzo’ eSithembile kuqashna

Sithembile Hall was packed with young people with the hope of being hired for the project of creating a new park in the township.

Izinqinamba ziya ngokwanda eSithembile njengoba kuphindwe kwamiswa uhlelo lokuqashwa kwamalunga azosebenza ekukhandeni ipaki yomphakathi kulendawo. Emhlanganweni obubanjwe ngoMsombuluko odlule obubizwe uKhansela Lungile Mbhele kanye noSomlomo womkhandlu uSiduduzo Mdluli lapho bebezoqhuba uhlelo lokuqasha khona izisebenzi ezingu 40 ezizoqala lomsebenzi lugcine lungafezekanga.
Lomhlangano uqale ngemuva kwamahora amathathu umphakathi ulinde ngabomvu. UKhansela wendawo, uLungile Mbhele, uxolisile wachaza ukuthi babanjezelwe ukufuna umbhobho wokukhuluma njengoba “umphakathi uke wakhala ngokuthi akuzwakali uma ungekho.”
Umphakathi ushaye phansi ngonyawo uthi ngeke kuqhutshekwe nokuqashwa, ufuna ukuzizwela wona ngabaphethe iproject ukuthi bafuna abantu abangakanani. Lokhu kuqhamuke ngesikhathi uSomlomo uMdluli etshele umphakathi ukuthi kudingeka amalunga angu 30 azokwenza lomsebenzi.

Kuqhume ubuhawu-hawu umphakathi wathi kugcono kube ngabantu abangu 40 nakuvumele uSomlomo.
Kepha umphakathi uthi ngeke kwazeke ukuthi ipaki lidinge abantu abangu 40 nje kuphela. Babodwa akade besola uSomlomo no Khansela ngokuthi kungathi ‘kunobugqophololo’ abafuna ukubenza njengoba bezifikele bodwa engekho omele abaphethe iproject.
Bathi bafuna u-emplementing agent kube uyena oqashayo. Ihholo lomphakathi beligcwele linyimfika amalunga omphakathi angaphezu kuka-100, iningi kuyintsha ebizozama inhlanhla yomsebenzi. USomlomo ubenganikwe thuba edonswa ngapha-nangapha abantu bemupheka ngemibuzo abanye bemusola yena nokhansela uMbhele ukuthi baphezu ‘kwezingqondo.’

park1 (Medium)

Echaza kwabephephandaba i-Courier, uSomlomo uthe “mathathu amaproject okumele enziwe kuloluhlelo mali lwaseNdumeni ngumnyango wakwa Environmental Affairs okubalwa kuwo ukwakhiwa kwepaki yaseSithembile, ukulungiswa kwe paki yase Wasbank kanye nokwakhiwa kwe nursery e-Foresdale. Uthi imali isiyonke yalamaproject ilinganiselwa ku R14million.

Uqhube wathi bona banikezwa umsebenzi wokuba baqashe abantu nokumele ngabe kulenyanga kaMashi sekuphothuliwe eSithembile kuqalwe ngomsebenzi, kodwa izigemegeme ezihaqe lomphakathi emavikini ambalwa endlule zibambezele ukwenziwa kwaloluhlelo. Uqinisekisile ukuthi bazobuyela ukuyo bamba izingxoxo nabathintekayo ukuze kuzolungiswa loludaba kube nendlela eyaphambili. Uthi “siyathemba ukuthi umphakathi waseSithembile uzobuyisa imiqondo ngalokhu ukuze kuzokwazeka ukuqhuba izinhlelo zentuthuko kulendawo engicabanga ukuthi wonke umuntu uyazifisa,”kusho uMdluli.
Isiphetho salombuthwano wangoMsombuluko kube ukuthi kuphindwe kumenyezelwe umhlangano lapho kuzobe sekukhona nalabo abangamele leproject bezochaza kabanzi emphakathini ngayo, nabakudingayo kumphakathi. Nakuba kuphetheke ngalendlela kodwa imibono ibihlukene njengoba abanye bebefuna kuqhutshekwe nokuqashwa.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Terry Worley

Terry Worley has been associated with the Courier for many years and is involved in the community covering a variety of issues affecting residents. He has a passion for local politics and for the history of the area.

Related Articles

Back to top button